6. Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.
7. Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa ngokusha.’
8. Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya.”
9. UNikodemu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?”
10. UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awukwazi lokhu na?
11. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu.
12. Nxa nginitshelile okomhlaba, kanakholwa; ningakholwa kanjani, uma nginitshela okwasezulwini na?
13. Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.
14. Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa