Ngokukajohane 3:4-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. UNikodemu wathi kuye: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?”

5. Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.

6. Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.

7. Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa ngokusha.’

8. Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya.”

9. UNikodemu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?”

10. UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awukwazi lokhu na?

11. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu.

12. Nxa nginitshelile okomhlaba, kanakholwa; ningakholwa kanjani, uma nginitshela okwasezulwini na?

13. Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.

14. Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa

15. ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.

Ngokukajohane 3