Ngokukajohane 3:31-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. “Ovela phezulu uphezu kwakho konke; ovela emhlabeni ungowomhlaba, ukhuluma okomhlaba. Ovela ezulwini uphezu kwakho konke.

32. Akubonileyo nakuzwileyo lokho ufakaza ngakho; kepha akakho owamukela ubufakazi bakhe.

33. Owamukele ubufakazi bakhe ulubekile uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.

34. Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela.

35. UYise uyayithanda iNdodana, wanikela konke esandleni sayo.

36. Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”

Ngokukajohane 3