Ngokukajohane 3:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwakukhona umuntu wakubaFarisi, nguNikodemu igama lakhe, isikhulu sabaJuda.

2. Lowo-ke weza kuye ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovele kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”

3. UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”

4. UNikodemu wathi kuye: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?”

5. Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.

6. Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.

7. Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa ngokusha.’

8. Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya.”

9. UNikodemu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?”

10. UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awukwazi lokhu na?

Ngokukajohane 3