Ngokukajohane 21:13-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. UJesu weza, wathabatha isinkwa, wabapha, nezinhlanzi futhi.

14. Lokho sekungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi, esevukile kwabafileyo.

15. Khona sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: “Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na?”Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.”Wathi kuye: “Yipha amawundlu ami.”

16. Wabuye wathi kuye ngokwesibili: “Simoni kaJona, uyangithanda na?”Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.”Wathi kuye: “Yalusa izimvu zami.”

17. Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?”UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.”UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.

18. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Usemusha wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona; kepha nxa usumdala, uyakwelula izandla zakho, omunye akugqokise, akuyise lapho ungathandi khona.

19. Kepha wakusho lokho ekhomba ukufa azakumdumisa uNkulunkulu ngakho.” Eseshilo lokho wathi: “Ngilandele.”

20. UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela, oyena futhi wayencike esifubeni sakhe ekudleni, nowathi: “Nkosi, ngubani ozakukukhaphela na?”

21. Kuthe uPetru embona lowo, wathi kuJesu: “Nkosi, kepha lona, pho?”

22. UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Wena landela mina.”

23. Ngakho-ke leli zwi laphumela kubazalwane lokuthi lowo mfundi akayikufa. Kanti uJesu akashongo ukuthi akayikufa kodwa ukuthi: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na?”

24. Nguye lo mfundi ofakaza ngalezi zinto nokulobile lokhu; siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buqinisile.

25. Kukhona nezinye izinto eziningi azenza uJesu; uma zilotshiwe zona ngazinye, ngithi nezwe lonke lingezanele izincwadi ezingalotshwa.

Ngokukajohane 21