Ngokukajohane 21:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanje:

2. kwakukhona ndawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, nabakaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe.

3. USimoni Petru wathi kubo: “Ngiya kodoba.”Bathi kuye: “Nathi sihamba nawe.” Base bephuma, bangena emkhunjini; kepha ngalobo busuku ababambanga lutho.

4. Kuthe sekusa, uJesu wayemi ogwini. Kepha abafundi babengazi ukuthi nguJesu.

5. UJesu wathi-ke kubo: “Bantwana, aninakho ukudla na?”Bamphendula bathi: “Qha.”

6. Wayesethi kubo: “Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, nizakuthola.” Base bephonsa, ababe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi.

7. Khona lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPetru: “YiNkosi.” USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa elwandle.

8. Kepha abanye abafundi beza ngesikebhe, ngokuba bebengekude nenhlabathi kepha kungathi izingalo ezingamakhulu amabili, bedonsa inetha linezinhlanzi.

Ngokukajohane 21