Ngokukajohane 20:9-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.

10. Base bemuka abafundi, baphindela kubo.

11. Kepha uMariya wema ethuneni ngaphandle ekhala; esakhala walunguza ethuneni;

12. wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe, zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.

13. Zona-ke zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?”Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.”

14. Eseshilo lokho waphenduka, wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi nguJesu.

15. UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na?”Kepha yena ethi ngumphathi wensimu wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina.”

16. UJesu wathi kuye: “Mariya!”Waphenduka, wathi kuye ngesiHeberu: “Rabuni,” okungukuthi: “Mfundisi.”

17. UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”

18. UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi: “Ngiyibonile iNkosi,” nokuthi: “Ishilo lokho kimi.”

19. Kwathi-ke kusihlwa ngalolo suku, olokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi bekhona ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.”

20. Eseshilo lokho wabakhombisa izandla nohlangothi lwakhe. Base bethokoza abafundi beyibona iNkosi.

21. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.”

Ngokukajohane 20