8. Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa;
9. ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.
10. Base bemuka abafundi, baphindela kubo.
11. Kepha uMariya wema ethuneni ngaphandle ekhala; esakhala walunguza ethuneni;
12. wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe, zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.
13. Zona-ke zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?”Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.”
14. Eseshilo lokho waphenduka, wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi nguJesu.