Ngokukajohane 20:5-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. elunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kepha akangenanga.

6. Khona wafika noSimoni Petru emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona,

7. neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni, kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo.

8. Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa;

9. ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.

10. Base bemuka abafundi, baphindela kubo.

11. Kepha uMariya wema ethuneni ngaphandle ekhala; esakhala walunguza ethuneni;

12. wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe, zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.

13. Zona-ke zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?”Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.”

14. Eseshilo lokho waphenduka, wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi nguJesu.

15. UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na?”Kepha yena ethi ngumphathi wensimu wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina.”

Ngokukajohane 20