2. Khona wayesegijima waya kuSimoni Petru nakulowo mfundi omunye uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapha beyibeke khona.”
3. Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni.
4. Bagijima bobabili kanyekanye; kepha umfundi omunye wagijima kakhulu kunoPetru, wafika kuqala ethuneni;
5. elunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kepha akangenanga.
6. Khona wafika noSimoni Petru emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona,
7. neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni, kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo.
8. Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa;
9. ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.
10. Base bemuka abafundi, baphindela kubo.