Ngokukajohane 19:27-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Wayesethi kumfundi: “Bheka unyoko.” Kusukela kuleso sikhathi umfundi lowo wamyisa kwakhe.

28. Emva kwalokho uJesu, ekwazi ukuthi konke sekuphelelisiwe ukuba umbhalo ugcwaliseke, wathi: “Ngomile.”

29. Kwakubekiwe khona isitsha sigcwele uviniga; khona bachoma ilula ligcwele uviniga othini lwehisopi,* baliyisa emlonyeni wakhe.

30. Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.

Ngokukajohane 19