Ngokukajohane 19:14-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Kwakungolokulungisela iPhasika kungathi ihora lesithupha. Wathi kubaJuda: “Bhekani inkosi yenu.”

15. Ngakho bamemeza bathi: “Susa, susa, mbethele esiphambanweni!”Wathi kubo uPilatu: “Ngibethele inkosi yenu na?”Abapristi abakhulu baphendula bathi: “Asinankosi, uKesari kuphela.”

16. Wayesemnikela kubo ukuba abethelwe esiphambanweni.Bamthatha-ke uJesu, bahamba naye.

17. Waphuma ezithwalele isiphambano, waya endaweni ethiwa iNdawo Yekhanda, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha.

18. Bambethela khona nabanye ababili kanye naye ngalapha nangalapha, uJesu ephakathi.

19. Kepha uPilatu waloba isaziso, wasibeka esiphambanweni. Kwakulotshiwe ukuthi: UJESU WASENAZARETHA, INKOSI YABAJUDA.

20. Khona abaningi babaJuda bafunda leso saziso; ngokuba indawo leyo, lapho uJesu wabethelwa khona esiphambanweni, yayiseduze nomuzi. Kwakulotshiwe ngesiHeberu, nangesiRoma, nangesiGreki.

21. Base bethi abapristi abakhulu babaJuda kuPilatu: “Ungalobi ukuthi: ‘Inkosi yabaJuda,’ kepha ukuba yena wathi: ‘NgiyiNkosi yabaJuda.’ ”

22. UPilatu waphendula wathi: “Engikulobile ngikulobile.”

23. Kuthe amabutho esembethele uJesu esiphambanweni, athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine, kwaba yilelo nalelo butho laba nesabelo, neyembe futhi. Kepha iyembe lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.

24. Ngakho-ke akhuluma odwa, athi: “Asingalidabuli, kodwa asilenzele inkatho yokuthi liyakuba ngelikabani,” ukuze kugcwaliseke umbhalo othi:“Babelana izingubo zami,benzelana inkatho ngesambatho sami.”Lokho-ke akwenza amabutho.

25. Kepha kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina kanye nodadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.

26. Kuthe uJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi ngakhona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho.”

27. Wayesethi kumfundi: “Bheka unyoko.” Kusukela kuleso sikhathi umfundi lowo wamyisa kwakhe.

Ngokukajohane 19