Ngokukajohane 19:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UPilatu wayesemthatha uJesu, wamshaya.

2. Amabutho aluka umqhele wameva awufaka ekhanda lakhe, amembathisa ingubo ebubende;

3. aya kuye, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” Ammukula.

4. UPilatu wabuye waphuma, wathi kubo: “Bhekani, ngimkhiphela kini, ukuze nazi ukuba angifumani cala kuye.”

5. Wayesephuma uJesu ethwele umqhele wameva nengubo ebubende. Wathi kubo uPilatu: “Bhekani lo muntu!”

6. Bathi bembona abapristi abakhulu nezikhonzi, bamemeza bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!”UPilatu wathi kubo: “Mthatheni nina, nimbethele esiphambanweni, ngokuba angifumani cala kuye.”

7. Kepha abaJuda bamphendula bathi: “Sinomthetho thina; ngalo mthetho ufanele ukufa, ngokuba ezenzile iNdodana kaNkulunkulu.”

8. Kuthe uPilatu ezwa lelo zwi, kwayikhona esaba kakhulu,

9. wabuye wangena enqabeni, wathi kuJesu: “Ungowaphi wena na?” Kepha uJesu kamphendulanga.

10. Khona wathi uPilatu kuye: “Awukhulumi kimi na? Awazi ukuthi nginamandla okukukhulula, nginamandla futhi okukubethela esiphambanweni na?”

11. UJesu waphendula wathi: “Ngabe awunamandla neze phezu kwami, ukuba awuwanikwanga ngaphezulu. Ngalokho-ke onginikele kuwe unesono esikhulu.”

12. Ngalokho uPilatu wayefuna ukumkhulula. Kepha abaJuda bamemeza bathi: “Uma ukhulula lona, awusiye umhlobo kaKesari; osuka ezenza inkosi, umelene noKesari.”

13. Kuthe uPilatu esezwa lawo mazwi wamkhiphela ngaphandle uJesu; wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ethiwa eGandaywe ngamatshe kodwa ngesiHeberu iGabatha.

Ngokukajohane 19