Ngokukajohane 18:25-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. Kepha uSimoni Petru wayemi otha. Bathi-ke kuye: “Imbala nawe awusiye owabafundi bakhe na?”Waphika yena, wathi: “Angisiye.”

26. Enye yezinceku zompristi omkhulu, eyisihlobo salowo ondlebe yaso uPetru abeyinqumile, yathi: “Angikubonanga yini mina ensimini unaye na?”

27. Wabuye waphika uPetru; masinyane lakhala iqhude.

28. Base bekhipha uJesu kuKayafase, bemyisa endlini yokwahlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enqabeni ukuba bangangcoli kodwa babe nokudla iphasika.

29. Khona uPilatu waphumela kubo, wathi: “Nimthwesa cala lini lo muntu na?”

30. Baphendula, bathi kuye: “Uma lona ebengesiye owenza okubi, nga singamlethanga kuwe.”

31. Khona uPilatu wathi kubo: “Mthatheni nina, nimahlulele ngomthetho wakini.”Bathi kuye abaJuda: “Asivunyelwe ukubulala umuntu,”

32. ukuba kugcwaliseke izwi likaJesu alishilo lapha ebonisa ukuthi uyakufa ngokufa okunjani.

33. UPilatu wabuye wangena enqabeni, wabiza uJesu, wathi kuye: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”

34. UJesu waphendula wathi: “Uzisholo lokhu wena, noma kusho abanye kuwe ngami na?”

Ngokukajohane 18