20. UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni* nasethempelini, lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese.
21. Ubuzelani kimi na? Buza kulabo abezwile lokho engakukhuluma kubo; bheka, bona bayakwazi engakushoyo.”
22. Esasho lokho, esinye isikhonzi esasimi khona sammukula uJesu, sathi: “Uphendula umpristi omkhulu kanjalo na?”
23. UJesu wasiphendula wathi: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngalobo bubi; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na?”
24. U-Anase wamthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu.
25. Kepha uSimoni Petru wayemi otha. Bathi-ke kuye: “Imbala nawe awusiye owabafundi bakhe na?”Waphika yena, wathi: “Angisiye.”
26. Enye yezinceku zompristi omkhulu, eyisihlobo salowo ondlebe yaso uPetru abeyinqumile, yathi: “Angikubonanga yini mina ensimini unaye na?”
27. Wabuye waphika uPetru; masinyane lakhala iqhude.
28. Base bekhipha uJesu kuKayafase, bemyisa endlini yokwahlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enqabeni ukuba bangangcoli kodwa babe nokudla iphasika.
29. Khona uPilatu waphumela kubo, wathi: “Nimthwesa cala lini lo muntu na?”
30. Baphendula, bathi kuye: “Uma lona ebengesiye owenza okubi, nga singamlethanga kuwe.”