1. UJesu esekhulume lawo mazwi waphuma kanye nabafundi bakhe, waya phesheya komfudlana iKedroni, lapho kwakukhona insimu angena kuyo yena nabafundi bakhe.
2. NoJuda owamkhaphelayo wayeyazi leyo ndawo, ngokuba uJesu wayevama ukuhlangana khona nabafundi bakhe.
3. Khona uJuda, esethole isigaba samabutho nezikhonzi kubapristi abakhulu nabaFarisi, waya lapho, benezihlanti nezibani nezikhali.
4. Khona uJesu ekwazi konke okuyakumehlela waphuma, wathi kubo: “Nifuna ubani na?”
5. Bamphendula bathi: “UJesu waseNazaretha.”UJesu wathi kubo: “Yimina.” UJuda omkhaphelayo wayemi nabo.
6. Kuthe-ke ukuba athi kubo: “Yimina,” bahlehla nyovane, bawa phansi.