Ngokukajohane 17:6-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. “Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.

7. Sebazi ukuthi konke ongiphe khona kuvela kuwe.

8. Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona, bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.

9. Ngiyabakhulekela bona; angikhulekeli izwe kepha labo ongiphe bona, ngokuba bengabakho.

10. Konke okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami; ngikhazimulisiwe kubona.

11. Angisekho ezweni mina, basezweni bona, mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.

12. Lapho ngise nabo ezweni, ngabagcina egameni lakho labo ongiphe bona, ngabalonda; akakho kubo owalahleka, kuphela indodana yokulahlwa, ukuba kugcwaliseke umbhalo.

13. “Sengiza kuwe kalokhu; ngikhuluma lokhu ezweni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo.

14. Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.

15. Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.

16. Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.

17. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.

18. Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni.

19. Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.

20. “Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo

21. ukuba bonke babe munye, njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.

22. Nenkazimulo ongiphe yona ngiyiphile bona, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye,

Ngokukajohane 17