Ngokukajohane 17:4-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifeze umsebenzi ongiphe wona ukuba ngiwenze.

5. Manje-ke ngikhazimulise wena Baba, kuwe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho.

6. “Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.

7. Sebazi ukuthi konke ongiphe khona kuvela kuwe.

8. Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona, bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.

Ngokukajohane 17