Ngokukajohane 17:19-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.

20. “Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo

21. ukuba bonke babe munye, njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.

Ngokukajohane 17