12. Lapho ngise nabo ezweni, ngabagcina egameni lakho labo ongiphe bona, ngabalonda; akakho kubo owalahleka, kuphela indodana yokulahlwa, ukuba kugcwaliseke umbhalo.
13. “Sengiza kuwe kalokhu; ngikhuluma lokhu ezweni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo.
14. Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.
15. Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.
16. Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.
17. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.
18. Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni.