6. Kepha ngokuba ngikhulume lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi.
7. Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.
8. Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela:
9. ngesono, ngokuba bengakholwa yimi;
10. ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;
11. ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli zwe wahlulelwe.
12. “Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje.
13. Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
14. Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona.
15. Konke uBaba anakho kungokwami; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele.
16. “Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba.”