3. Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami;
4. kepha lokho ngikukhulume kini, ukuze kuthi, nxa kufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.
5. “Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi: ‘Uya ngaphi na?’
6. Kepha ngokuba ngikhulume lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi.
7. Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.
8. Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela:
9. ngesono, ngokuba bengakholwa yimi;
10. ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;
11. ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli zwe wahlulelwe.
12. “Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje.
13. Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
14. Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona.
15. Konke uBaba anakho kungokwami; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele.