Ngokukajohane 16:21-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Owesifazane, nxa esabeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe; kepha nxa esembelethile umntwana, akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni.

22. Nani-ke nilusizi manje, kepha ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; intokozo yenu akakho onganamuka yona.

23. Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.

24. Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.

25. “Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso; isikhathi siyeza, lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala.

26. Ngalelo langa niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela mina kuBaba;

27. ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu.

28. Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.”

Ngokukajohane 16