12. “Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje.
13. Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
14. Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona.
15. Konke uBaba anakho kungokwami; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele.
16. “Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba.”
17. Ngakho abanye kubo abafundi bakhe base bekhuluma bodwa, bethi: “Kuyini lokho akushoyo kithi ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone,’ nokuthi: ‘Ngokuba ngiya kuBaba,’ na?”
18. Bathi: “Kuyini lokho akushoyo ukuthi: ‘Yisikhashana,’ na? Asazi ukuba uthini.”
19. UJesu wazi ukuthi bebethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngalokho engikushiloyo ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona kubuye kube yisikhashana ningibone,’ na?
20. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza.
21. Owesifazane, nxa esabeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe; kepha nxa esembelethile umntwana, akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni.
22. Nani-ke nilusizi manje, kepha ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; intokozo yenu akakho onganamuka yona.