Ngokukajohane 16:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Lokho ngikukhulume kini ukuba ningakhubeki.

2. Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu.

3. Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami;

4. kepha lokho ngikukhulume kini, ukuze kuthi, nxa kufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.

5. “Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi: ‘Uya ngaphi na?’

6. Kepha ngokuba ngikhulume lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi.

Ngokukajohane 16