1. “Lokho ngikukhulume kini ukuba ningakhubeki.
2. Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu.
3. Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami;
4. kepha lokho ngikukhulume kini, ukuze kuthi, nxa kufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.
5. “Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi: ‘Uya ngaphi na?’
6. Kepha ngokuba ngikhulume lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi.