Ngokukajohane 15:25-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: ‘Bangizonda ngeze.’

26. “Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami.

27. Nani niyafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.

Ngokukajohane 15