Ngokukajohane 14:23-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.

24. Ongangithandiyo kagcini amazwi ami, nezwi enilizwayo akusilo elami kepha ngelikaBaba ongithumileyo.

25. “Ngikhulume lokho kini ngisahlezi nani.

26. Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.

27. Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.

Ngokukajohane 14