Ngokukajohane 14:16-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade,

17. uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini.

18. Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.

19. Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni, kepha niyangibona nina, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila.

20. Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.

21. Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”

22. UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kwenziwa yini ukuba uyakuzibonakalisa kithina, ungazibonakalisi kulo izwe, na?”

23. UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.

24. Ongangithandiyo kagcini amazwi ami, nezwi enilizwayo akusilo elami kepha ngelikaBaba ongithumileyo.

25. “Ngikhulume lokho kini ngisahlezi nani.

26. Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.

Ngokukajohane 14