Ngokukajohane 13:6-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Wafika-ke kuSimoni Petru. Wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na?”

7. UJesu waphendula, wathi kuye: “Lokhu engikwenzayo awukwazi manje, kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.”

8. UPetru wathi kuye: “Awusoze wageza izinyawo zami naphakade.”UJesu waphendula wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.”

9. USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, akungabi yizinyawo zodwa kepha nezandla nekhanda.”

10. UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho, kuphela ukugezwa izinyawo, kepha ugezekile wonke. Nina-ke nigezekile, kodwa angisho nonke.”

11. Ngokuba emazi obezakumkhaphela kungalokho athi: “Anigezekile nonke.”

12. Esegeze izinyawo zabo wathabatha izingubo zakhe, wabuye wahlala, wathi kubo: “Niyakwazi yini engikwenzile kini na?

13. Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi;’ nisho kahle, ngokuba ngiyikho.

14. Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo.

15. Ngokuba ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini.

16. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.

17. Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.

18. “Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi:“ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’

Ngokukajohane 13