Ngokukajohane 13:34-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.

35. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”

36. USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uya ngaphi na?”UJesu waphendula wathi: “Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela kamuva.”

Ngokukajohane 13