Ngokukajohane 13:32-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa masinyane.

33. “Bantwanyana, ngise khona nani isikhashana. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona ningeze nina, ngisho nakinina manje.

34. “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.

35. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”

Ngokukajohane 13