Ngokukajohane 13:3-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu,

4. wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica.

5. Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.

6. Wafika-ke kuSimoni Petru. Wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na?”

7. UJesu waphendula, wathi kuye: “Lokhu engikwenzayo awukwazi manje, kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.”

8. UPetru wathi kuye: “Awusoze wageza izinyawo zami naphakade.”UJesu waphendula wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.”

9. USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, akungabi yizinyawo zodwa kepha nezandla nekhanda.”

10. UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho, kuphela ukugezwa izinyawo, kepha ugezekile wonke. Nina-ke nigezekile, kodwa angisho nonke.”

11. Ngokuba emazi obezakumkhaphela kungalokho athi: “Anigezekile nonke.”

Ngokukajohane 13