26. Ngakho waphendula uJesu, wathi: “Yilowo engiyakumcwilisela ucezu, ngimnike lona.” Eselucwilisile-ke ucezu, walunika uJuda Iskariyothe.
27. Emva kocezu uSathane wayesengena kuye. Wayesethi kuye uJesu: “Okwenzayo kwenze masinyane.”
28. Kepha akabakho kwababehlezi ekudleni owayekwazi lokho ukuthi ukusho ngani kuye.
29. Kepha abanye bacabanga ukuthi, ngokuba uJuda ephethe isikhwama, uJesu uthi kuye: “Thenga esikuswele emkhosini,” noma ukuthi kabele abampofu okuthile.
30. Kuthe eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakuse busuku.
31. Ngakho esephumile, uJesu wathi: “Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimulisiwe kuyo.
32. Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa masinyane.
33. “Bantwanyana, ngise khona nani isikhashana. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona ningeze nina, ngisho nakinina manje.
34. “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.
35. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”
36. USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uya ngaphi na?”UJesu waphendula wathi: “Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela kamuva.”
37. Wathi kuye uPetru: “Nkosi, ngingekulandele kalokhu ngani na? Ngizakudela ukuphila kwami ngenxa yakho.”
38. UJesu waphendula wathi: “Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Iqhude alizukukhala, ungakangiphiki kathathu.”