15. Ngokuba ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini.
16. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.
17. Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.
18. “Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi:“ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’
19. “Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki ukuba, nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye.
20. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo.”
21. UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni, wafakaza wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu uyakungikhaphela.”
22. Abafundi babhekana bengabaza ukuthi ukhuluma ngobani.
23. Kwakuhlezi ekudleni omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu.
24. USimoni Petru wayesemqhweba ethi: “Yisho ukuthi ubekhuluma ngobani na?”
25. Yena encike esifubeni sikaJesu wathi kuye: “Nkosi, ngubani na?”
26. Ngakho waphendula uJesu, wathi: “Yilowo engiyakumcwilisela ucezu, ngimnike lona.” Eselucwilisile-ke ucezu, walunika uJuda Iskariyothe.
27. Emva kocezu uSathane wayesengena kuye. Wayesethi kuye uJesu: “Okwenzayo kwenze masinyane.”
28. Kepha akabakho kwababehlezi ekudleni owayekwazi lokho ukuthi ukusho ngani kuye.
29. Kepha abanye bacabanga ukuthi, ngokuba uJuda ephethe isikhwama, uJesu uthi kuye: “Thenga esikuswele emkhosini,” noma ukuthi kabele abampofu okuthile.
30. Kuthe eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakuse busuku.