1. Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.
2. Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele,
3. uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu,
4. wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica.
5. Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.
6. Wafika-ke kuSimoni Petru. Wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na?”
7. UJesu waphendula, wathi kuye: “Lokhu engikwenzayo awukwazi manje, kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.”