Ngokukajohane 12:5-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. “Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu* abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?”

6. Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.

7. Ngakho uJesu wathi: “Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami.

8. Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.”

9. Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho. Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela, kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo.

10. Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru,

11. ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu.

Ngokukajohane 12