39. Ngalokho babengekholwe, ngokuba u-Isaya washo futhi ukuthi:
40. “Uphuphuthekisile amehlo abo,wayenza lukhuni inhliziyo yabo,funa babone ngamehlo,baqonde ngenhliziyo,baphenduke, ngibaphulukise.”
41. U-Isaya wakusho lokho, ngokuba ebona inkazimulo yakhe, ekhuluma ngaye.
42. Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;*
43. ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.
44. Khona uJesu wamemeza wathi: “Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo.
45. Obona mina ubona ongithumileyo.
46. Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.
47. “Uma umuntu ezwa amazwi ami engawalondi, lowo angimahluleli mina, ngokuba angizanga ukuba ngahlulele izwe, kepha ukuba ngisindise izwe.
48. Ongalayo engawamukeli amazwi ami unomahlulelayo; izwi engalikhulumayo yilona eliyakumahlulela ngosuku lokugcina.
49. Ngokuba mina angikhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo nguye onginike umyalo wokuba ngizakuthini, ngikhulumeni.
50. Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.”