Ngokukajohane 12:38-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. ukuba izwi lika-Isaya umprofethi ligcwaliseke, alikhuluma lokuthi:“Nkosi, ngubani owakholwa ngukushumayela kwethu na?Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?”

39. Ngalokho babengekholwe, ngokuba u-Isaya washo futhi ukuthi:

40. “Uphuphuthekisile amehlo abo,wayenza lukhuni inhliziyo yabo,funa babone ngamehlo,baqonde ngenhliziyo,baphenduke, ngibaphulukise.”

41. U-Isaya wakusho lokho, ngokuba ebona inkazimulo yakhe, ekhuluma ngaye.

Ngokukajohane 12