Ngokukajohane 12:29-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Ngakho abantu ababemi bezwa bathi: “Beliduma;” abanye bathi: “Ingelosi ikhulume kuye.”

30. UJesu waphendula wathi: “Leli zwi alizanga ngenxa yami kepha ngenxa yenu.

31. Kalokhu kungukwahlulelwa kwaleli zwe; kalokhu umbusi waleli zwe uzakuxoshwa.

32. Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.”

33. Lokho-ke wakusho efanekisa ukufa okumfanele afe ngakho.

34. Ngakho isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”

35. Wayesethi kubo uJesu: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini. Hambani nise nokukhanya, ukuze ubumnyama bunganehleli. Ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uya ngaphi.

Ngokukajohane 12