22. UFiliphu weza wamtshela u-Andreya. Weza u-Andreya noFiliphu, basho kuJesu.
23. UJesu waphendula, wathi kubo: “Sesifikile isikhathi sokuba ikhazimuliswe iNdodana yomuntu.
24. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa; kepha uma ifa, ithela izithelo eziningi.
25. Lowo othanda ukuphila kwakhe ulahlekelwa yikho, nozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyakukulondela ukuphila okuphakade.
26. Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.
27. “Kalokhu umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu.