Ngokukajohane 12:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngakho kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika, uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo.

2. Base bemenzela ukudla khona; uMarta wayephaka, kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye.

3. UMariya wayesethatha ilitra* lamafutha enadi* lodwa elinenani elikhulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe; indlu yagcwala iphunga lamafutha.

4. Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe obezakumkhaphela, wathi:

5. “Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu* abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?”

6. Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.

7. Ngakho uJesu wathi: “Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami.

8. Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.”

9. Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho. Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela, kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo.

Ngokukajohane 12