Ngokukajohane 11:5-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Kepha uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru.

6. Ngakho-ke kwathi ezwa ukuthi uyagula, wahlala futhi izinsuku ezimbili endaweni abe kuyo.

7. Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Asibuye, siye eJudiya.”

8. Abafundi bathi kuye: “Rabi, abaJuda basand’ ukufuna ukukukhanda ngamatshe; usaya futhi khona na?”

9. UJesu waphendula wathi: “Awakho yini amahora ayishumi nambili emini na? Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe.

10. Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.”

11. Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.”

12. Abafundi bakhe base bethi kuye: “Nkosi, uma elele, uyakusinda.”

13. Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo.

14. Ngakho-ke uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: “ULazaru ufile;

15. ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.”

16. Khona uTomase, othiwa uDidimu, wathi kubafundi abakanye naye: “Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.”

17. Kwathi-ke esefika uJesu, wamfumana esenezinsuku ezine ethuneni.

18. IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba ngamastadiyu* ayishumi nanhlanu.

Ngokukajohane 11