Ngokukajohane 11:43-52 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

43. Esekhulume lokho wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Lazaru, phuma.”

44. Waphuma ofileyo eboshwe izinyawo nezandla ngezindwangu, ubuso bakhe bumboziwe ngeduku. UJesu wathi kubo: “Mthukululeni, nimyeke ahambe.”

45. Khona abaningi kubaJuda ababezile kuMariya bebona abekwenzile, bakholwa nguye.

46. Kepha abanye babo baya kubaFarisi, babatshela abekwenzile uJesu.

47. Ngalokho abapristi abakhulu nabaFarisi base bemema umphakathi, bathi: “Siyakwenze njani na? Lo muntu wenza izibonakaliso eziningi;

48. uma simyeka njalo, bazakukholwa nguye bonke; amaRoma ayakufika, asamuke indawo nesizwe.”

49. Kepha othile wabo, uKayafase, engumpristi omkhulu walowo mnyaka, wathi kubo: “Anazi lutho nina;

50. aniqondi futhi ukuthi kunilungele ukuba umuntu oyedwa afele abantu, isizwe sonke singabhubhi.”

51. Lokho kakushongo ngokwakhe, kodwa engumpristi omkhulu walowo mnyaka waprofetha ukuba uJesu wayezakufa ngenxa yesizwe;

52. kungengenxa yesizwe kuphela, kepha ukuba abuthele ndawonye abantwana bakaNkulunklu abahlakazekileyo, babe munye.

Ngokukajohane 11