37. Kepha abanye kubo bathi: “Lo owavula amehlo empumputhe wayengekwenze yini ukuba yena lo angafi na?”
38. Ngakho uJesu, ebubula futhi phakathi kwakhe, wafika ethuneni. Lalingumhume, kwakukhona itshe phezu kwawo.
39. Wathi uJesu: “Susani itshe.”UMarta, udadewabo wofileyo, wathi kuye: “Nkosi, usenuka; ngokuba sezizine.”
40. UJesu wathi kuye: “Angishongo yini kuwe ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu, na?”
41. Balisusa-ke itshe. Kepha uJesu waphakamisa amehlo, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile.
42. Bengazi mina ukuthi ungizwa njalo, kodwa ngenxa yesixuku esingiphahlileyo ngishilo lokho, ukuze bakholwe ukuthi nguwena ongithumileyo.”
43. Esekhulume lokho wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Lazaru, phuma.”
44. Waphuma ofileyo eboshwe izinyawo nezandla ngezindwangu, ubuso bakhe bumboziwe ngeduku. UJesu wathi kubo: “Mthukululeni, nimyeke ahambe.”
45. Khona abaningi kubaJuda ababezile kuMariya bebona abekwenzile, bakholwa nguye.
46. Kepha abanye babo baya kubaFarisi, babatshela abekwenzile uJesu.
47. Ngalokho abapristi abakhulu nabaFarisi base bemema umphakathi, bathi: “Siyakwenze njani na? Lo muntu wenza izibonakaliso eziningi;
48. uma simyeka njalo, bazakukholwa nguye bonke; amaRoma ayakufika, asamuke indawo nesizwe.”
49. Kepha othile wabo, uKayafase, engumpristi omkhulu walowo mnyaka, wathi kubo: “Anazi lutho nina;
50. aniqondi futhi ukuthi kunilungele ukuba umuntu oyedwa afele abantu, isizwe sonke singabhubhi.”
51. Lokho kakushongo ngokwakhe, kodwa engumpristi omkhulu walowo mnyaka waprofetha ukuba uJesu wayezakufa ngenxa yesizwe;
52. kungengenxa yesizwe kuphela, kepha ukuba abuthele ndawonye abantwana bakaNkulunklu abahlakazekileyo, babe munye.