Ngokukajohane 11:20-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza, waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini.

21. Wayesethi uMarta kuJesu: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga;

22. kepha ngiyazi nakalokhu ukuthi nokuba yini ongakucela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakukunika khona.”

23. UJesu wathi kuye: “Umnewenu uzakuvuka.”

24. UMarta wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.”

25. UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila.

26. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”

27. Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, obezakuza ezweni.”

28. Eseshilo lokho wamuka wabiza uMariya udadewabo ngasese, wathi: “UMfundisi ukhona, uyakubiza.”

29. Yena-ke ekuzwa lokho wasuka masinyane, waya kuye.

30. Kepha uJesu wayengakafiki emzini, kodwa wayesekuleyo ndawo uMarta amhlangabeza kuyo.

31. AbaJuda ababesendlini naye bemkhuza, bebona uMariya esuka masinyane ephuma, bamlandela, bathi: “Uya ethuneni ukuba akhale khona.”

32. UMariya esefike lapho ekhona uJesu, embona, wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga.”

33. Ngakho uJesu embona ekhala, nabaJuda abafika naye bekhala, wabubula emoyeni, wakhathazeka;

34. wathi: “Nimbekephi na?”Bathi kuye: “Nkosi, woza ubone.”

35. UJesu wakhala izinyembezi.

Ngokukajohane 11