Ngokukajohane 11:19-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo.

20. Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza, waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini.

21. Wayesethi uMarta kuJesu: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga;

22. kepha ngiyazi nakalokhu ukuthi nokuba yini ongakucela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakukunika khona.”

23. UJesu wathi kuye: “Umnewenu uzakuvuka.”

24. UMarta wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.”

25. UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila.

26. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”

27. Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, obezakuza ezweni.”

28. Eseshilo lokho wamuka wabiza uMariya udadewabo ngasese, wathi: “UMfundisi ukhona, uyakubiza.”

Ngokukajohane 11