Ngokukajohane 11:18-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba ngamastadiyu* ayishumi nanhlanu.

19. Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo.

20. Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza, waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini.

21. Wayesethi uMarta kuJesu: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga;

22. kepha ngiyazi nakalokhu ukuthi nokuba yini ongakucela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakukunika khona.”

23. UJesu wathi kuye: “Umnewenu uzakuvuka.”

24. UMarta wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.”

25. UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila.

Ngokukajohane 11