Ngokukajohane 11:16-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Khona uTomase, othiwa uDidimu, wathi kubafundi abakanye naye: “Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.”

17. Kwathi-ke esefika uJesu, wamfumana esenezinsuku ezine ethuneni.

18. IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba ngamastadiyu* ayishumi nanhlanu.

19. Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo.

20. Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza, waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini.

21. Wayesethi uMarta kuJesu: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga;

22. kepha ngiyazi nakalokhu ukuthi nokuba yini ongakucela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakukunika khona.”

23. UJesu wathi kuye: “Umnewenu uzakuvuka.”

24. UMarta wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.”

25. UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila.

26. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”

Ngokukajohane 11