16. Khona uTomase, othiwa uDidimu, wathi kubafundi abakanye naye: “Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.”
17. Kwathi-ke esefika uJesu, wamfumana esenezinsuku ezine ethuneni.
18. IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba ngamastadiyu* ayishumi nanhlanu.
19. Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo.
20. Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza, waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini.
21. Wayesethi uMarta kuJesu: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga;
22. kepha ngiyazi nakalokhu ukuthi nokuba yini ongakucela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakukunika khona.”
23. UJesu wathi kuye: “Umnewenu uzakuvuka.”