Ngokukajohane 11:11-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.”

12. Abafundi bakhe base bethi kuye: “Nkosi, uma elele, uyakusinda.”

13. Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo.

14. Ngakho-ke uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: “ULazaru ufile;

15. ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.”

16. Khona uTomase, othiwa uDidimu, wathi kubafundi abakanye naye: “Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.”

17. Kwathi-ke esefika uJesu, wamfumana esenezinsuku ezine ethuneni.

18. IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba ngamastadiyu* ayishumi nanhlanu.

19. Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo.

20. Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza, waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini.

Ngokukajohane 11