11. Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.”
12. Abafundi bakhe base bethi kuye: “Nkosi, uma elele, uyakusinda.”
13. Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo.
14. Ngakho-ke uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: “ULazaru ufile;
15. ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.”
16. Khona uTomase, othiwa uDidimu, wathi kubafundi abakanye naye: “Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.”
17. Kwathi-ke esefika uJesu, wamfumana esenezinsuku ezine ethuneni.
18. IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba ngamastadiyu* ayishumi nanhlanu.
19. Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo.
20. Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza, waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini.